254. Ukuvalelisana
1. Sesiyahlukana nani, Kumbe singasabonani, Hambanini kahle kahle, Um'sa wakhe uniphahle.
2. Inhliziyo idabuka, Ngoba nina niyemuka; Kepha asinakunqaba, Kuhlukanwa kulomhlaba.
3. Lapho senihamba khona, 'Nkosi ibe-nani yona, Inilonde endleleni, Inigcine esandleni.
4. Masikhumbulane njalo Ngomthandazo ngokombalo Sihlungane emoyeni, Nxa sihlala othandweni.
5. Naphakade sobanana, Abangcwele bohlangana Mhla uJes' ebuth' abakhe, Khona ezulwini lakhe. Siyaphinda sisho futhi, Lelizwi elokuthi: 'Hambanini kahle kahle, Um'sa wakhe uniphahle."