255. Ihubo lokuvuna
1. Silima, sihlwanyela Imbewu emhlabathini; Kunguy' uNkulunkulu Olinda ezulwini. Ufudumez' umhlaba, Oleth' imvula futhi Kumila kahl' ukudla, Simbonga njalo sithi; Zonk' izipho lezi, Zivela ngaphezulu. Ibongw' İNkos', Ibongw' iNkosi, Ngothando olukhulu!
2. Nguyenza onguMenzi Wezinto, noma ziphi; Uyahlobis' imbali, Wokhela ucwazibe, Amaza amlalela, Uzondla izinyoni. Kakhul' abantu bakhe. Bangayiswela ntoni?
3. Sesikubonga, Baba, Ngezint' ezinhle zonke, 'Kutshala, nokuvuna, Nokudla, nakho konke, Zam'kel' izipho lezi, Kuncan' esikuphayo, Thath' inhliziyo yethu, lyon' oyifunayo.