258. Umsa omkhulu

1. UJes' uthini namhla na? Uyazibiz' izoni la, Zibomvu kodw' izono zam', Zizohlangulwa zonke nya. Ngiyakuhlanzwa ngani na? Ngegazi likaKristu, ha.

2. Zisenamandl' izono la, UJesu wazahlula nya. Ngingakhululw' ubani na? UJesu; kahluleki, qha! Ukuphum'la ngotholaphi? Othandweni lukaKristu.

3. Isiphephelo siphi na? Ubalekele eNkosin'. Ngongena, pho, kanjani na? Ngegama likaJesu, ha! Umoya uvunguza, Wo Inqaba iqinile bo.

4. Keph' uSathan' udlova la, UJesu wamahlula nya. Ngikhangw' inkazimulo la, Akakwnael' uJesu na? Ngivama ukweduka nje; Vumel' uJes' ahole-ke.

5. Ngombona nin' uJesu na? Usuku lusondela, ha. Uyakufika nini-ke? Wobuya masinyane nje. Khona sompompoloza, ha. Haleluya! Haleluya!