259. Esiphambanweni
1. Entaben' ekude kwem' isiphambano. Esinobuhlungu nehlazo; Ngisithanda sona, ngob' uJesu wami Wabethelwa kuso ngenxa yam'. Ngakho ngisibabaza sona, Ngize ngibeke phans' umthwalo, Ngizobambelela kusona Ngize ngizuze umqhele wam'.
2. Leso siphambano esadelwa yizwe. Siyangimangalisa njalo. Ngoba ngenxa yaso 'Jesu weza lapha Asithwalele eGolgotha.
3. Esiphambanweni l'ophi igazi lakhe. Elimangalisayo kimi. Ngoba ngenxa yami 'Jesu wafa khona. Angithethelel' angihlanze.
4. Esiphambanweni ngiyakuqinisa, Ngithwal' ihlazo ngenjabulo; Wongibiza mina khona ekhaya lam', Angiqhelise ngomqhele wam'.