262. Vukani, bandla-bo
1. Vukani, bandla-bo, nilaleleni na? Anikamuzwa yin', uMoy' omuhle lo? Usemhlabeni la; somthola nini na? Nang' uMthokozisi. Nempel' usemhlaben', wavela ezulwin'. Uyakuhlanza konke okusenhliz'ywen'. Siyoba-mhlophe qwa sohlanzwa yebo la! Nang' uMthokozisi.
2. O, sekusile-bo, kwaqala khona le; Lapho ngePentekost' kwakhanya kwathi nge; Kwath' eJerusalem' babonga, bath', ehe, Nang' uMthokozisi.
3. Yebo, ukhona lo, nakhona lapha-nje, Size sinqob' izitha zethu zonke nya; Masigcwaliswe swi, sigcinwe sithi ngci, Nang' uMthokozisi.
4. Nanamhla umi nqo, usenamandla nya, Uyasihlanzisisa sibe-mhlophe qwa. Phaphama, wena, mnang', umzuze masinyan', Nang' uMthokozisi.