27. Njengenyoni

This hymn celebrates the speaker's liberation from sin and fear through Jesus Christ, who has redeemed and cleansed them, offering a future filled with eternal gratitude and fellowship with saints. It expresses joy and confidence in Christ's love and the promise of a heavenly reunion.

1. Njengeyoni egatsheni, yona, Ijabul' ihlabelela khona, Njalo nami sengikhululiwe, Sengihlengiw' uMhlengi wam'. 2. Waf' uJesu ukungikhulula, Ngakho inhliziyo siyavula, 'Gazi likaJesu liqedile, Lihlangulil' icala lam'.

2. Ngakho ngiyibong' iNkosi yami, Isusile zonk' izono zami, Azisoze zibuyela kimi, Vuka-ke, limi! Huba nje!

3. Njengempumalanga yahlukene Nay' intshonalanga kungehlangane, Njal' uJes' udedisil' izono Ngowak' umkhono. Halala!

4. Seluthul' uvalo enhliziyweni, Kade lubhakuz' esifubeni, 'Jesu usindisa ngokwempela Abamvumela lokhu-ke.

5. Sengilangazela ukumbona Ezululwani, lapho eye' khona. Ngiyombonga kanye nabangcwele, Ngob' usifele ngom'sa, he!