35. Umnyaka omusha
This hymn expresses gratitude to Jesus for his protection and care throughout the past year, acknowledging his power and love, and requests his continued guidance and preparation for eternal life in heaven in the coming year. It emphasizes dedicating oneself fully to God in thankfulness for his blessings.
1. 'Suphelile lowomnyak' omdala, Nentokozo nehlupheko yawo; Kungumusa uma sesiqala 'Nyak' omusha nezinhlanhla zawo. Siyafuna ukuqala konke Egameni likaJesu, 'Nkosi; Ngoba yena unamandla onke, Wosigcina kuzo zonk' ingozi.
2. Ungubani ongabala konke Esenzelwe kuwo wok' umnyaka? Wasilinda ngezinsuku zonke, Wasiphatha kahle, wasinaka. Uma kungayanga ngom'sa wodwa, Ngabe silahlelwe ekufeni; Kodwa ngom'sa nangothando lodwa Sisekhona lapha emhlabeni.
3. Singaleth' intoni manje thina, Siwubonge lowomus' ongaka? Wasinakekela, wasigcina Zonk' insuku zawo lowomnyaka. Kufanele thina sinikele Ngemizimba nem'phefum'lo yethu, Ngenhliziyo yonke, iphelele, Siyibonge ngakho konk' okwethu.
4. Nxa sibheka nank' umnyak' omusha, Siyazicelela um'sa wakho, U'ba sibe-nokuphil' okusha, Okusifanele thin' abakho. Kumbe ngalomnyaka siyobizwa, Siyomuka siye eNkosini, Ngakho ngasifun' ukulungiswa, Sibe-nokungena ezulwini.