42. Bongani igama

This Zulu Christian hymn expresses gratitude to God, the great king, for the gospel and His boundless love, urging believers to come to Him, finding blessings and peace through Jesus Christ, the victorious savior. It emphasizes glorifying God and trusting in His established kingdom, acknowledging Him as the source of all good gifts and righteousness.

1. Bongani igama leNkosi enkulu, Ngasesigodini naphezu kwentaba. Bakithi, qhuban' iVangeli elihle, Ukuba abantu bayizwe lendaba! Uthando IweNkosi lufana nomfula, Nomusa uhlezi, awunakudlula.

2. Bongani iMvana, yafela izoni, Yangen' ethuneni yavuk' enqobile; Yenyuka phezulu, yobuya ibuye 'Kumisa umbuso, laph' esefikile.

3. UJes' uMsindisi unibusisile, Ningabozikhohlw' izibusiso zonke; Nam'kele kuyena izinto eziningi, Ngalokho mbongeni, bakholwayo bonke.

4. Nizibonge zonke izipho ezinhle, Impilo emiyo evela phezulu; Niphiw' ukuthula nokulunga kwakhe, Ngakho nimenzele udum' olukhulu.