47. Wabampofu

This hymn highlights the stark contrast between the earthly comforts of animals and the homelessness of Jesus, the King of Kings, emphasizing His sacrifice and devotion to prayer even in hardship. It encourages believers to find comfort and hope in their heavenly inheritance and relationship with Him, despite earthly poverty.

1. Izinyoni zinezindlu zazo Lapho zingathokomala khona, Nempungushe zinem'godi yazo, Ziyabalekela kuyo zona.

2. Kodw' İNkosi yamakhosi, yona Yayingenandawo yokuhlala; Kwathi nxa ilanga selishona, Wayeding' indawo yokulala.

3. Nom' abany' abantu sebelele Ebusuke bonke embhedeni, Wafunyanwa ebathandazele Ebusuku bonke entabeni.

4. Wabampofu ngenxa yethu njalo, 'Kuba sibenendlu ezulwini; Wayithwal' eyethu imithwalo, Siphumule thina ebomini.

5. Noma s'ngabampofu emhlabeni, Sikhumbule ubumpfou bakhe; Soduduzwa ngakho enhliz'weni, Uyezwana nathi ngom'sa wakhe.