57. Igazi likaJesu
This hymn invites listeners to find forgiveness and eternal life in Jesus, who offers cleansing and healing, urging them to seize the present opportunity to accept his grace before it's too late. It emphasizes that faith in Jesus is the remedy for sin and the source of spiritual rebirth.
1. Igazi likaJesu ha, Lisithethele sonke, Lihlanzisisa kuthi qhwa, Kuphel' izono zonke.
2. Kulowomthomb' omuhle hle Bayahlangana bona, Ababonil' izifo-ke, Bayaphiliswa khona.
3. Lenhlanhla ayinkulu na? Kutholwa ukuphila, Akangatshelw' umuntu, qha, Ubani osazila?
4. Lomthombo unguJesu-ke, Uyasimema yena: "Wozani emanzini nje," Ningabi nakwenqena.
5. Owaphuzay' amanzi la Akayikufa futhi; Kususwa konk' ukufa nya; Impela angumuthi.
6. Namhlanje wophangisa ha, Ithuba liyadlula; Ngob' iHayides' alikho, qha, Nathonsi lalomfula.