59. Iculo ngeGolgotha
This hymn expresses deep gratitude and devotion to Jesus Christ, who bore the singer's sins and died on the cross at Golgotha, offering forgiveness and redemption. It anticipates a future in heaven where the singer will eternally praise Christ for his sacrificial love and atoning death.
1. Ngolicula iculo laseGolgotha, Ngaye lo owangifela khona, Ngobuhlungu owayebuzwa ngenxa yam', Nangegaz' elangihlanza nami. Osizini Iwakhe babembhinga nje; Yek' umthwal' ongaka awuthwala! Zonk' izono zomhlaba, yebo naz' ezam' Wazithwala esiphambanweni. Wangifela, Wangifela, UJesu unguyen' uMfeli wami. Wangifela eGolgotha Ngize ngiye laphaya. Ngomhlatshelo lo ngithethelelwe nami
2. Ngiyathanda ukumdumis' uMfeli wam', Owayehlatshelw' izono zami; Ngingekhohlwe nempela lolosuku Iwam', Nxa ngimbon' ethwel' ukona kwami. Esethwele lonk' icala laphaya Endawen' ethiwe iGolgotha, Bekumnyama kuthi bhuqe emhlaben', Mhla efayo esiphambanweni.
3. Nxa sidlul' isikhathi sami khona la, Nxa ngimbon' uJesu le, phezulu, Kanye nas' isixuku esimhlophe qhwa, Nobukhosi bonke obukhulu. Ngomdumisa, ngilihlabelel' igam': "Wangifela, Wangifela nami. Wangithanda, wazidela ngenxa yam'. Ezulwini, nant' ihubo lami.