63. Umthombo waseGolgotha
This Zulu hymn invites all, regardless of background, to find cleansing and salvation from sin through the \
1. Emzini kaDavide Kwavulw' umthombo khona; Kuhlanzwe ukungcola, Kuhlangulisw' ukona. Kulowomthomb' omuhle Sesimenyiwe sonke. Akubandlululwa muntu, Wabavulela bonke. Umthombo waseGolgotha, Umthombo waseGolgotha, Ugobozela wena nam', Umthombo waseGolgotha.
2. Noma usindw' umthwalo Wesono namacala, Sondela uzibike, Wosuswa amabala, Nhliziyo yoba-mhlophe, Welashw' umzimba futhi, Uze uvume nawe Igama elokuthi:
3. Lomthombo wokuphila Ungabokhohlwa wona, Uzikhelele njalo, Uyakwahlul' ukona. Lamananzi woba kuwe Umthomb' ophuphumayo, Uze utshen' abanye: "Uzakuphil' ozayo".
4. Sophuza kulomthombo Sikhona emhlabeni, Noma simuka lapha Sidlule ekufeni Sobona lowomfula Wempilo ezulwini, Sombong' uJesu njalo Osiyis' ebomini.