66. Ukwenyuka kwakhe
This hymn encourages believers to embrace Jesus's commission to spread the gospel, empowered by the Holy Spirit, and to trust in His promise of return, moving forward in faith instead of remaining in doubt and inaction. It highlights Jesus's ascension and the assurance that He will come again to reign, urging believers to actively participate in sharing salvation with others.
1. Nxa uJesu eqedile konke Athunyelwe ukukwenza khona, Wathi: "Sengiphiw' amandla onke, Lawamandla nginabela wona. Sengiyaphindela kuy' uBaba; Ngizomthum' uMoya oyiNgcwele, Wonisiza lapha kulomhlaba, Hambanini ningifakazele."
2. Wabavalelisa ngokunjalo, Eyaleza ngabafundi bakhe, Wasinika nathi lowomyalo 'Kuhambisa yon' indaba yakhe. Khon' uJesu waya ezulwini, Ekhushulwa besambhekisisa, Wasenyamalala emafwini, Zeluliw' izandl', ebabusisa.
3. Abafundi belibala bona, Besagqolozela ngaphezulu, Naz' izingelosi zimi khona; Zalubik' udaba olukhulu, Zathi: "Njengalokhu nimbonile Enyukela manje ezulwini, Uzobuy' aland' abambhekile,' Bazobusa naye ebomini.
4. Nathi masifane nabo laba Abakholwa lesosithembiso. Masimkhon' uJesu ngokwethaba, Sibazis' abanye usindiso. Simamkel' uMoya oyiNgcwele, Sibenaw' amandl' okufakaza, Ngakho masisuke simhambele, Singahlali nje ngokungabaza.