77. Kanye nawe, Nkosi yami

This hymn expresses a desire for complete surrender and unwavering devotion to God, signifying a willingness to follow Him unconditionally, regardless of hardship or personal preference, finding true richness and strength in His presence. The speaker pledges to accompany the Lord on His path, trusting that He will lighten their burdens and provide support through every trial.

1. Namhla ngiyaqhutshw' umoya, 'Kuthandaza, Nkosi yam'. Ngiyacela, mangihambe Kanye nawe, Nkosi yam'. Kanye nawe, Nkosi yam', Kanye nawe, Nkosi yam', Mangihamb' imihla yonke Kanye nawe, Nkosi yam'.

2. Angifun' eyam' indlela. Mayiphel' intando yam', Mangihambe mina, kodwa, Kanye nawe, Nkosi yam'.

3. Angifisi yon' imfuyo, Ize kimi, Nkosi yam', Ngicebile, he, kakhulu, Nxa ukimi, Nkosi yam'.

4. Nom' indlela inohlupho, Noma inde, Nkosi yam', Noma iya eGolgotha, Ngiye nawe, Nkosi yam'.

5. Lilungil' ijokwe lakho, Awuhluph' umthwalo wam'. Ngiyabonga ngisahamba Kanye nawe, Nkosi yam'.