81. Yiba nomusa
This Zulu hymn expresses a plea for God's unending kindness and mercy, rooted in the sacrifice of Jesus Christ, even in the face of the singer's own imperfections and unworthiness, ultimately hoping for acceptance and recognition of that kindness in heaven. It emphasizes a reliance on divine love for redemption and sanctification.
1. Baba oNgcwele, yizwa umntanakho, Laph' eziletha ebusweni bakho Ngokulwethemba lon' uthando Iwakho. Yiba nomusa!
2. Noma ngonile, ngingasafanele U'ba ngiphathwe wena oyiNgcwele, Kodwa ngothando lon' oluphelele, Yiba nomusa!
3. Ngoba ngothando Iwakho wangifela. Lapho nginguy' olahlekil' impela. Ngaloluthando ngize ukucela: Yiba nomusa!
4. Sengiyathand' u'ba ngikulandele, Nesiphambano ngoba ngisithwele, Yenza umoya wami ube-ngcwele, Ngawo umusa.
5. Nasezulwini, lapho siyoyiswa, Nxa amagama ethu ezobizwa Khona ngokusho: 'Mpela ngangeniswa Ngawo umusa'.