84. Isikhathi somkhuleko
An invitation to find peace in Christ's comforting presence.
1. 'Sikhathi somkhuleko, 'Ligugu lamakholwa, Kulapho, bazalwane, Amandla ayatholwa. Nxa sisemthandazweni, Sivul' izinhliziyo, Sibike kuy' İNkosi, Silungiselwe yiyo.
2. 'Sikhathi somkhuleko, Masingakhohlwa sona; Sizodangal' impela, Singekunqob' ukona, Asinamandla neze, 'Sibindi singebekho, Singasigcini kahle 'Sikhathi somkhuleko.
3. 'Sikhathi somkhuleko, Siyakunjuzwa ngaso NguMoya oyiNgcwele, Ongumholeli waso. Usifundisa futhi Ukukhuleka njalo, Sibike konke, konke, Singabi-namithwalo.
4. 'Sikhathi somkhuleko Abanye abanaso Ngakho bahamba kabi, Basindwa inkathazo. Masingabi 'ziwula, Siqedwa inhlupheko, Ngokuba siyakhohlwa Sikhathi somkhuleko.