88. Ngingathola umusa na?

This hymn expresses a personal struggle with sin and unworthiness, ultimately finding solace and hope in the sacrificial love and grace of Jesus Christ, who died on the cross for the speaker's redemption. The hymn emphasizes the speaker's need for Jesus and their plea for mercy and guidance.

1. Ngingathol' umusa na, Mina, angisasho, qha! 'Nkos' inganginaka na, Ngisekhona ngani na?

2. Kade ngameyisa nje, Ngath' uJesu ulize. Wangincenga, ngala nje, Noma engithanda-ke.

3. Ngisathandelwani na, Mina, monikazi la Ofanel' ukufa nya. Ngingazuz' umusa na?

4. Senginxusa, Mfeli wam', Bheka ukushona kwam', Ungihawukele la. Ngingathol' umusa na?

5. Wafa esiphambanwen' Ngobuhlungu enhliz'weni; Wangidabukela wo. Ungahlul' umusa lo?

6. Kuphelil' ukwala kwam' 'Suthobil' umoya wam'. Akumangaliso na, Kangilahl' uJesu, qha!