94. Uyezwa, Nkosi
This hymn expresses the believer's faith in God's constant presence and willingness to hear and answer prayers, especially during times of trouble and need. It emphasizes the comfort and hope found in trusting Jesus and anticipates a life of gratitude and praise, culminating in eternal life with Him.
1. Uyezwa, Nkosi, lapho sibubula. Usus' usiz' uvez' ukujabula; UMos', mhla ekhala kuwe-ke, Wamuzwa, wamvulel' ulwandle, he.
2. Uyezw' ukwenze lokhu bakucela, Nxa lukhulil' usizi usondela; Uphuthumel' osengozini la, Awumkhohlis' othemba kuwe, qha.
3. Ushilo: "Cela kimi osizini." Uthembekile, noma sekuthini; Awungishiyi njengabanye, qha, Mhla ngimukelwe konk' okunye la.
4. Kukuhle, Jesu, uma sithandana, Nginal' ithemba nxa useduzane; Kuwena ngingabeka konke, nya, Ngilungiselwa kahle kuthi pha.
5. Ngakho-ke sengithand' ukukubonga, Nezithembiso zakho ngozikhonga, Ngokudumisa njalo khona le, Nxa ngimukile kulomhlaba, he.