98. Yifune İNkosi
This hymn encourages seeking Jesus through prayer and obedience to His will, promising that He will meet your needs and guide you through life's challenges, ultimately leading you to peace and preparing you for service. It emphasizes a personal relationship with Jesus where listening to his guidance and trusting in his will is paramount.
1. Yifune İNkosi ekusithekeni, Uhlolwe nguJesu, usemthandazweni. Ulalele kahle 'kunyenyeza kwakhe, Ezintweni zonke buz' intando yakhe.
2. Ubamb' isikhathi, ngoba siyadlula, Uhlale noJesu la kunokuthula, Ubike kuyena konke ukuswela, Nangomcebo wakhe uyakwenezela.
3. Libala noJesu; ngoba nxa umbuka, Yonk' im'hambo yakho iyakuguquka, Ukuba ilunge, ifane neyakhe, Nabantu babone uhambis' okwakhe.
4. Hamba-ke noJesu, yen' uyakuhola; Nalokhokuhola ungabokusola. Umlandel' eduze ezinyathelweni, Umdumise njalo nasenhluphekweni.
5. Ube-nokuthula ngasempefum'Iweni, Yonk' imicabango efik' enhliz'weni, Ibuswe nguMoya okaNkulunkulu, Uzolungiselwa inkonzo phezulu.