99. Ngikukhonze

This hymn expresses a commitment to serving God and humanity despite feeling misunderstood, trusting that God's love and guidance will lead to a place of rest and peace in His kingdom. The singer finds joy in service, particularly helping those lost and hurting, and desires to emulate Christ's self-sacrificing love.

1. Nkosi ngiyathokozela Ukuzinikela kuwe, Ngikukhonze, Mfeli wami, Ngoba ngihlengiwe nguwe; Kodwa ngiyabona kambe Awuding' inkonzo yami, Nokho mawungivumele Ngikukhonze, Nkosi, nami.

2. Abaningi bayazula Bedukile endleleni, Ungithume, ngibafune, Babuyel' esibayeni. Nabaningi banosizi, Nkosi, unginik' umuthi, Ngibelaphe enhliz'weni, Khona bojabula futhi.

3. Ungisize ngizidele, Ngizinikelel' abanye, Njengokuba wena, Jesu, Wawuzinikela kanye. Yeka, injabul' enkulu Ukuyilandel' iMvana, Ngakho ungisize, Nkosi, Ngilandele eduzana.

4. I Nkosi, ungihole kahle, Ngize kuwe embusweni; Lapho ngiyakuphumula, Ngiyoncik' esifubeni, Ngoba lapha emhlabeni, Ngike ngezw' ukuphumula, Okukhona kuwe Jesu, OyİNkosi yokuthula.